Uzimisele ukusebenzisana nosomabhizinisi owe Siwela Wines, alididiyela esifundazweni saseWestern Cape

88 Views

UTHANDO lokuzimela yilona olwagqugquzela uSiwela Masoga (28) ukuthi angene emkhakheni ongavamile ukuba nabantu besifazane abamnyama kuleli.

Lo somabhizinisi ongowokudabuka eLimpopo ungumsunguli wewayini iSiwela Wines, alididiyela esifundazweni saseWestern Cape.

Ngemva kokwethweswa iziqu zakhe zeNational Diploma in Biotechnology waqeqeshelwa umsebenzi eWaterstone Wines, okuyilapho lwaqala khona uthando analo lwewayini.

Le ntokazi ithi, izimisele ngokufaka intsha emnyama kulo mkhakha wokudidiyela iwayini.

Phambili mbokodo!

Facebook Comments

Staff Writer

Reporter