Umsiki wengqephu ubonga ‘omnaks’ ngokumeseka

60 Views

UMSIKI wengqephu osafufusa ubonga amalungu ekhasi labesifazane lodumo elikuFacebook, iLadies House, ngokumfukula emsebenzini wakhe.

UNompumelelo Mjadu welebuli, iJadu Mjadu uveze ukuthi amakhasimende akhe amaningi awaseLadies House.

Uthe uthando abamnikeza lona “omnaks” luyamangaza ngoba uma eke wafaka umsebenzi wakhe bavele bawusabalalise ngokushesha kuFacebook okugcina sekumdonsela amakhasimende.

Le ntokazi engeyokudabuka eMzini, eNdondwane eMpangeni, iveze ukuthi isizinze eThekwini ngenxa yomsebenzi wayo.

“Umzala wami usanda kuthi nginesibindi ngokufaka umsebenzi wami eLadies House. Ngimtshelile ukuthi ngisuke ngingangenele ukuthuka inhlamba kodwa ngisuke ngiyocela ukuthi bangeseke.

“Ngigxile ekuthungeni izingubo ezisemfashinini zabantu besifazane kusukela emantombazaneni kuya kwabadala,” kusho uNompumelelo.

Uthe uqale ukufundela ukuba ngumsiki wengqephu esikoleni, iLindiwe Khuzwayo Academy of Fashion and Design ngo-2018 kuya-2019.

Uveze ukuthi wayengakaze azitshele ukuthi angaziphilisa ngokudweba nokuthunga izingubo.

“Ngifunde * -matric e-Old Mill High School ngo-2005. Ngaqeda isikole ngayokwenza izifundo zeMechanical Engineering eLangeni FET College ngagcina ku-NQF Level 4. Ngisuke lapho ngathola umsebenzi ka-Avis kwi-workshop yakhona ePinetown,” kusho uNompumelelo.

Uthe kwa-Avis usebenze unyaka owodwa, washiya ngoba ebona ukuthi akusiwo umsebenzi awuthokozelayo, wayekhonze ukudweba izingubo.

Uqhube wathi ube esengena ohlelweni lokuqeqeshwa lakwaMasipala weTheku ngo-2010 eyofundela ukuthunga izinyanga eziyisithupha.

Uthe esikoleni semfashini ngo-2018 waqokwa njengeDesigner of the Year okwamkhuthaza ukuthi asebenze ngokuzikhandla.

Ngonyaka odlule uthe emjahweni wamahhashi iVodacom Durban July wabalwa kwi-top 25 yabasiki bengqephu abasebancane kanti waphuma isibili kwiClassic Race Wear.

Nakuwo lo nyaka uzobe ekhombisa ngemfashini yakhe kulo mjaho.

Facebook Comments

Staff Writer

Reporter